SitemapContactsFrequently-asked QuestionsSearchFeedback    
 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 Crime Stop
 08600 10111
 crimestopgauteng  @saps.org.za

 Report
 Child Abuse/images
 
childprotect@saps.org.za

 

 

12. UNGENZENJANI UMA UHLASELWA

Cabanga ngokuthi ungenzenjani uma uhlaselwa ezindaweni ezahlukene epulazini noma eduze kwendlu. Lokhu kungakusiza ukucabanga ngokushesha ngokucacile uma uhlaselwa. Cela ilunga lomndeni likhombise ukuthi lingenzenjani ezimweni ezahlukene.

12.1 Cabanga – ungethuki. Ingqondo yakho yiyonanto yokuzivikela yokuqala.

12.2 Hlolisisa isimo: Kungabe kukhona omunye umuntu eduzane? Ungakwazi ukuphunyula?

12.3 Ungamthuki lowo/labo abakuhlasele . Ucwaningo lukhombisa ukuthi ukwethuka kwenza umhlaseli abe nolaka noma ngabe ubesekutholile lokho abekufuna( njengezikhali noma imali). Abahlaseli bayamlimaza umuntu obethukayo uma behlasela.

12.4 Uma ngabe abahlaseli becela isikhiye zesisefo, banike ukhiye ungalwi. Ucwaningo lukhombisa ukuthi abahlaseli bangasebenzisa idlunzula ukuze bathole ukhiye, kanti bangabulala noma balimaze umuntu lowo ngenxa yokuthukuthela.

12.5 Uma kungenzeka yazisa noma utshele abahlaseli ngemizamo yomphakathi noma yoMbutho wezokuVikela kanye noma uMbutho waMaphoyisa, njengokuthi ubenze balalele umsakazo weviyo lezakhamuzi noma ubakhombise umyalezo othunyelwe ngomakhalekhukhwini noma umyalezo oyizwi. Ucwaningo lukhombisa ukuthi abahlaseli bayethuka kakhulu futhi bayesaba ukubanjwa, ikakhulukazi uma bezobanjwa umphakathi. Uma ngabe abehlaseli benokungabaza kungaba lula ukuphunyuka. Bayabaleka bengakaluqedeli lonke uhlaselo.

12.6 Ukuphepha kubalulekile kakhulu kumhlaseli. Ngakho-ke uma kwenzeka, ngale kokubacasula bazise ukuthi uyabazi kanti bazotholakala ukuhamba kwesikhathi. Lokhu kuvamise ukubathusa abahlaseli bayesaba ukubanjwa kanti bangabaleka bengakaqedi ukuhlasela.

12.7 Ungalwi noma uzabalaze nomhlaseli ngaphandle uma ukusetshenziswa kwamandla ngaleso sikhathi kungaholela ekutheni uphunyuke.

12.8 Uma ngabe igazi lakho likutshela ukuthi yilwa, ungaphikisani nalo. Kufanele UMLIMAZE lowo okuhlaselayo. Cindezela amehlo akhe ngezithupha zakho. Ukukhahlela umuntu imbilapho nakho kuyalimaza. Kubalulekile ukuthi umkhubaze umhlaseli angakwazi ukubaleka uze uthole usizo noma ubaleke.

12.9 Uma ngabe ukulwa kungasebenzi zama ukubhekisisa izinto ezithile kumhlaseli njengeminyaka yobudala, ubude, umbala wezinwele, izibazi, imidwebo esemzimbeni, izingubo, indlela akhuluma ngayo.

12.10 Zama ukushiya iminwe yakho noma kuphi lapho ungase uyishiye khona. Zama futhi ukushiya izinto zakho ezithile njengecici, okokumpeda umlomo, induku noma umgexo.

12.11 Abaningi abahlaselwayo bazisindiza ngokukhulumisana kahle nomhlaseli.

back to top

 

Disclaimer

About the site Copyright

This site is best viewed at a screen resolution of 800 x 600.
Most compatible with Microsoft Internet Explorer, version: 4 and higher.